Amasu Okufunda
UbuNkulunkulu, UNkulunkulu


UbuNkulunkulu, UNkulunkulu

Kukhona abantu abathathu abehlukene kubo ubuNkulunkulu: nguNkulunkulu, uBaba waPhakade; yiNdodana Yakhe, uJesu Kristu; kanye noMoya oNgcwele. Sikholelwa Kubo ngamunye (Bha. Kho. 1:1). Esambulweni sezinsuku zokugcina sifunda ukuthi uBaba kanye neNdodana banemizimba ethintekayo yenyama kanye namathambo futhi nokuthi uMoya oNgcwele ungumuntu onesithunzi womoya, ongenayo inyama kanye namathambo (Mf&V 130:22–23). Laba bantu bamunye ngokuhlangana okupheleleyo du futhi nangokuvumelana ngenhloso nangemfundiso (Joh. 17:21–23; 2 Nefi 31:21; 3 Nefi 11:27, 36).

UNkulunkulu uBaba

Ngokujwayelekile nguBaba, noma u-Elohim, obizwa ngebizo likaNkulunkulu. Ubizwa ngokuthi nguBaba ngoba ungubaba wemimoya yethu (Num. 16:22; 27:16; Mal. 2:10; Math. 6:9; Ef. 4:6; Heb. 12:9). UNkulunkulu uBaba ngumbusi omkhulu womhlaba wonke, konke okukhona kanye nezinkanyezi zonke zezulu. Unamandla onke (Gen. 18:14; Alima 26:35; Mf&V 19:1–3), wazi konke (Math. 6:8; 2 Nefi 2:24), futhi ukhona yonke indawo ngoMoya Wakhe (AmaH. 139:7–12; Mf&V 88:7–13, 41). Abantu banobudlelwano obuthile noNkulunkulu okwenza umuntu ahluke kuzo zonke ezinye izinto ezidaliweyo: amadoda nabesifazane bangabantwana bemimoya baNkulunkulu (AmaH. 82:6; Ⅰ Joh. 3:1–3; Mf&V 20:17–18).

Zimbalwa izikhathi okubhalwe ngazo lapho uNkulunkulu uBaba evela noma ekhuluma nomuntu khona. Imibhalo engcwele ithi wakhuluma ku-Adamu kanye naku-Eva (Mose 4:14–31) futhi nokuthi wazisa ngoJesu Kristu ezikhathini ezahlukene (Math. 3:17; 17:5; Joh. 12:28–29; 3 Nefi 11:3–7). Wavela kuStefanu (IzE. 7:55–56) futhi nakuJoseph Smith (JS—uMl. 1:17). Kamuva wavela kuJoseph Smith kanye nakuSidney Rigdon (Mf&V 76:20, 23). Kulabo abamthandayo uNkulunkulu futhi nabazicwebisayo phambi kwakhe, uNkulunkulu kwesinye isikhathi ubanika ilungelo lokuthi bazibonele futhi bazazele bona ukuthi unguNkulunkulu (Math. 5:8; 3 Nefi 12:8; Mf&V 76:116–118; 93:1).

UNkulunkulu iNdodana

UNkulunkulu owaziwa njengoJehova yiNdodana, uJesu Kristu (Isaya 12:2; 43:11; 49:26; Ⅰ Kor. 10:1–4; Ⅰ Thim. 1:1; IsAmb. 1:8; 2 Nefi 22:2). UJesu usebenza ngaphansi kokuyalelwa nguBaba futhi uvumelana Naye ngokuphelele. Bonke abantu bangabafowabo kanye nodadewabo, ngoba Yena ungomdala kunabo bonke abantwana bemimoya ka-Elohim. Eminye imibhalo engcwele imbiza ngegama lokuthi ngu Nkulunkulu. Isibonelo, imibhalo engcwele ithi “uNkulunkulu wadala izulu nomhlaba” (Gen. 1:1), kodwa eqinisweni kwakunguJesu owayengumDali ngaphansi kokuyalelwa nguNkulunkulu uBaba (Joh. 1:1–3, 10, 14; Heb. 1:1–2).

UNkulunkulu uMoya oNgcwele

UMoya oNgcwele naye unguNkulunkulu futhi ubizwa ngokuthi nguMoya oNgcwele, nguMoya, futhi nokuthi nguMoya kaNkulunkulu, phakathi kwamanye amagama namabizo afanayo. Ngosizo lukaMoya oNgcwele, umuntu angayazi intando kaNkulunkulu uBaba futhi azi ukuthi uJesu unguKristu (Ⅰ Kor. 12:3).