ImiBhalo eNgcwele
IMfundiso neziVumelwano 130


Isigaba 130

Izimfundiso ezihlokweni ezahlukene ezanikwa nguJoseph Smith umPhrofethi, eRamus, e-Illinois, ngomhlaka 2 Epreli 1843.

1–3, UBaba neNdodana bangaziveza bona uqobo lwabo kubantu; 4–7, Izingelosi zihlala kwimbulunga yasezulwini i; 8–9, Umhlaba wesilestiyali uzoba yi-Urimi neThumimi enkulu; 10–11, Itshe elimhlophe linikwa bonke abangena ezweni lesilestiyali; 12–17, Isikhathi sokuZa kwesiBili sigodliwe kumPhrofethi; 18–19, Ulwazi olutholakale kulempilo sivuka nalo oVukweni; 20–21, Zonke izibusiso ziza ngokulalela umthetho; 22–23, UBaba neNdodana banemizimba yenyama namathambo.

1 Uma umSindisi aesebonakaliswa siyombona njengoba enjalo. Siyobona ukuthi ungu bmuntu njengathi.

2 Futhi lobo budlelwane obukhona phakathi kwethu lapha buyoba khona phakathi kwethu lapho, kodwa buyobe sebuhambisana ne ankazimulo yaphakade, leyo nkazimulo esingenayo njengamanje.

3 UJohane 14:23—Ukuvela kuka aBaba ne bNdodana, kulelo vesi, wuku cziveza bona uqobo lwabo; futhi umqondo wokuthi uBaba neNdodana dbahlala enhliziyweni yomuntu yinkolo endala yamabandla, futhi ingamanga.

4 Ukuphendula umbuzo othi—Ingabe ukubala aisikhathi sikaNkulunkulu, sezingelosi, sabaphrofethi, futhi nesabantu, akuvumelani yini neplanethi abahlala kuyo na?

5 Ngiphendula ngithi, Yebo. Kodwa azikho aizingelosi ezithunywa kulomhlaba ngaphandle kwalezo ezingezawo noma ezike zaba ngezawo.

6 Izingelosi azihlali kwiplanethi enjengalo mhlaba;

7 Kodwa zihlala phambi kukaNkulunkulu, kwimbulunga enjengo alwandle lwengilazi no bmlilo, lapho zonke izinto zenkazimulo yazo zambuliwe, okwedlule, imanje, nekusasa, futhi zonke izinto ziphambi kweNkosi ngaso sonke isikhathi.

8 Indawo lapho uNkulunkulu ehlala khona iyi-aUrimi neThumimi enkulu.

9 Lo amhlaba, esimweni sawo sokungcweliswa nesokungafi, uyokwenziwa ufane netshe elikhanya njenge ngilazi futhi ube yi-Urimi neThumimi kubantu abahlala kuwo, okuyothi ngawo zonke izinto eziphathelene nombuso ongaphansi, noma yonke imibuso yohlelo olungaphansi, iyokwembulwa kulabo abahlala kuwo; futhi lomhlaba uyoba ngokaKristu.

10 Ngaleso sikhathi itshe elimhlophe okukhulunywa ngalo encwadini yesAmbulo 2:17, liyoba yi-Urimi neThumimi kumuntu ngamunye olitholayo, okuyokwaziswa ngalo izinto eziphathelene nohlelo oluphezulu lwemibuso ziyokwembulwa;

11 Futhi aitshe elimhlophe linikezwa umuntu ngamunye kulabo abeza embusweni wesilestiyali, okubhalwe kulo bigama elisha, elingaziwa muntu ngaphandle kwalowo olitholayo. Lelo gama elisha lingukhiye.

12 Ngiyaphrofetha, egameni leNkosi uNkulunkulu, ukuthi ukuqala ko abunzima obuyodala ukuchitheka kwegazi eliningi ngaphambi kokuza kweNdodana yoMuntu kuyoba se bSouth Carolina.

13 Kungenzeka buvele ngenxa yenkinga yobugqila. Lokhu izwi lakusho kimi, ngesikhathi ngikhuleka kakhulu ngaloludaba, ngomhlaka 25 Disemba 1832.

14 Ngake ngakhuleka kakhulu ukuze ngazi isikhathi so akuza kweNdodana yoMuntu, ngesikhathi ngizwa izwi lisho lokhu okulandelayo:

15 UJoseph, ndodana yami, uma uyophila uze ube neminyaka engamashumi ayisishiyagalombili nanhlanu ubudala, uyobubona ubuso beNdodana yoMuntu; ngakho-ke lokhu makukwanelise, futhi ungabe usangihlupha ngaloludaba.

16 Ngasala ngikuleso simo, ngaphandle kokwazi ukuthi ngabe lokhu kuza kuqondiswe ekuqaleni kwenkulungwane yeminyaka noma kokunye ukuvela kwayo kwaphambilini, noma kufanele ngife kuthi ngenxa yalokho bese ngibona ubuso bakhe.

17 Ngikholwa wukuthi ukuza kweNdodana yoMuntu akuzukwenzweka ngaphambi kwaleso sikhathi.

18 Noma ngabe lungakanani aulwazi esilutholayo kulempilo, luyovuka nathi kulo buvuko.

19 Futhi uma umuntu ethola aulwazi nokuqonda okuningi kulempilo ngoku bkhuthala noku clalela kwakhe kunomunye, uyokuba ne dnzuzo enkulu ezweni elizayo.

20 Kukhona aumthetho, ongeke ususwe owamiswa ezulwini ngaphambi koku bsekelwa kwalomhlaba, cizibusiso zonke ezimiswe kuwo—

21 Futhi uma sithola noma yisiphi isibusiso kuNkulunkulu, kungenxa yokulalela lowo mthetho esimiswe kuwo.

22 aUBaba uno bmzimba wenyama namathambo othintekayo njengowo muntu; ngokunjalo neNdodana; kodwa cuMoya oNgcwele awunawo umzimba wenyama namathambo, kodwa ungumuntu onesithunzi woMoya. Ukuba kwakungenjalo, uMoya oNgcwele wawungeke uhlale kithi.

23 Umuntu angawuthola auMoya oNgcwele, futhi ungehlela phezu kwakhe futhi ungahlali naye.