Amasu Okufunda
UVuko


UVuko

Wukuhlanganiswa futhi komzimba womoya nomzimba wemvelo wenyama namathambo emva kokufa. Emva kovuko, umoya kanye nomzimba akusobuye kuphinde kuhlukaniswe, futhi umuntu uyoba ngongafiyo. Wonke umuntu ozalwe emhlabeni uzovuswa kwabafileyo ngoba uJesu Kristu wanqoba ukufa (Ⅰ Kor. 15:20–22).

UJesu Kristu waba ngumuntu wokuqala ukuvuswa kwabafileyo kulomhlaba (IzE. 26:23; Kol. 1:18; IsAmb. 1:5). ITestamente eliSha linika ubufakazi obaneleyo bokuthi uJesu wavuka enomzimba Wakhe wemvelo: ithuna Lakhe elakhiweyo lalingenalutho, wadla inhlanzi kanye noju, wayenomzimba wenyama namathambo, abantu babemthinta, futhi izingelosi zathi wayevukile (Marku 16:1–6; Luka 24:1–12, 36–43; Joh. 20:1–18). Isambulo sezinsuku zokugcina siyakuqinisa ukubakhona ngempela koVuko lukaKristu kanye nolwabantu bonke (Alima 11:40–45; 40; 3 Nefi 11:1–17; Mf&V 76; Mose 7:62).

Bonke abantu ngeke bavukele enkazimulweni efanayo (Ⅰ Kor. 15:39–42; Mf&V 76:89–98), futhi ngeke bonke bavuswe ngesikhathi esisodwa (Ⅰ Kor. 15:22–23; Alima 40:8; Mf&V 76:64–65, 85; 88:96–102). AbaNgcwele abaningi bavuswa emva koVuko lukaKristu (Math. 27:52). Abalungileyo bazovuswa ngaphambi kwababi futhi bazophuma oVukweni lokuQala (Ⅰ Thes. 4:16); aboni abangaphendukile bazophuma ovukweni lokugcina (IsAmb. 20:5–13; Mf&V 76:85).