Ishmayeli, indodana ka-Abrahama Bheka futhi isihloko esithi Abrahama; Hagari ETestamenteni eliDala, yindodana ka-Abrahama kanye noHagari, incekukazi kaSarayi yaseGibithe (Gen. 16:11–16). INkosi yethembisa u-Abrahama kanye noHagari ukuthi u-Ishmayeli wayeyoba ngubaba wesizwe esikhulu (Gen. 21:8–21). Isivumelwano seza ngo-Isaka kuno-Ishmayeli, Gen. 17:19–21 (Gal. 4:22–5:1). UNkulunkulu wambusisa u-Ishmayeli ngokuthi uyoba nenzalo, Gen. 17:20. U-Ishmayeli wasiza ekungcwabeni u-Abrahama, Gen. 25:8–9. Amadodana ka-Ishmayeli ayishumi nambili ashiwo, Gen. 25:12–16. U-Ishmayeli wafa, Gen. 25:17–18. U-Esawu wathatha indodakazi ka-Ishmayeli, uMahalati, ukuba abe ngumfazi wakhe, Gen. 28:9.