Amasu Okufunda
Umboni


Umboni

Ngumuntu ogunyazwe nguNkulunkulu ukuba abone ngamehlo omoya izinto uNkulunkulu azifihlile emhlabeni (Mose 6:35–38). Ungumambuli kanye nomphrofethi (Mosiya 8:13–16). ENcwadini kaMormoni, u-Amoni wafundisa ukuthi ngumboni kuphela owayengakwazi ukusebenzisa izihumushi ezithile, noma i-Urimi kanye neThumimi (Mosiya 8:13; 28:16). Umboni wazi okudlule, okwamanje, kanye nokuzayo. Emandulo, umphrofethi wayevame ukubizwa ngokuthi ngumboni (Ⅰ Sam. 9:9; Ⅱ Sam. 24:11).

UJoseph Smith ungumboni omkhulu wezinsuku zokugcina (Mf&V 21:1; 135:3). Phezu kwalokho, ubuMongameli bokuQala kanye nomKhandlu wabayiShumi namBili basekelwa njengabaphrofethi, ababoni, kanye nabembuli.