Amasu Okufunda
Mika


Mika

Ngumphrofethi waseTestamenteni eliDala. Wayengowomdabu waseMoresheti eGati, ezweni elingakhangiyo lakwaJuda, futhi waphrofetha ngesikhathi uHezekiya eseyinkosi (Mika 1:1–2).

Incwadi kaMika

UMika yiyona kuphela incwadi eTestamenteni eliDala ebiza ngegama iBetlehema njengendawo lapho uMesiya eyozalwa khona (Mika 5:2). Encwadini iNkosi yeluleka abantu Bayo futhi yabalandisa ngobuhle eyayibenzelele kona; yayifuna kubo ukulunga, umusa, kanye nokuzehlisa (Mika 6:8).