Amasu Okufunda
Helamani, indodana kaHelamani


Helamani, indodana kaHelamani

Ngumphrofethi futhi nomgcini wemibhalo eNcwadini kaMormoni owayefundisa abantu bakwaNefi. Wayengumzukulu ka-Alima omNcane futhi engubaba kaNefi owanikwa amandla phezu kwawo wonke amandla ezulu. UHelamani wabhala incwadi kaHelamani eyibhala nendodana yakhe uNefi.

Incwadi kaHelamani

Izahluko 1–2 zichaza ngesikhathi sezinkathazo ezinkulu eziphathelene nokuphathwa kwezwe. Izahluko 3–4 zibhala ukuthi uHelamani kanye noMoroniha, induna enkulu yamabutho akwaNefi, bakwazi ekugcineni ukuba bafeze ukuthula isikhashana. Kodwa, phezu kokuholwa yilamadoda amahle, abantu bakhula ekwenzeni inkohlakalo KuHelamani 5:1–6:14 uNefi wasiyeka isihlalo sokwahlulela, njengokwenza kukamkhulu wakhe u-Alima, ukuze afundise abantu. Abantu baphenduka isikhashana. Kodwa, kuHelamani 6:15–12:26, isizwe sakwaNefi sagcwala ububi. Izahluko zokugcina, 13–16, ziqukethe indaba engavamile yomphrofethi obizwa ngoSamuweli umLamani owabikezela ngokuzalwa kanye nokuBethelwa komSindisi futhi nezimpawu ezazizokhombisa lezo zehlakalo.