Amasu Okufunda
Isaga


Isaga

Okushiwoyo noma yiseluleko ngemithetho yokulunga.

Incwadi yezAga

Yincwadi eTestamenteni eliDala equkethe eminingi imifanekiso, izisho, kanye nezinkondlo, ezinye zazo ezabhalwa nguSolomoni. Incwadi yezAga iyaphindwa kaningi eTestamenteni eliSha.

Izahluko 1–9 ziqukethe incazelo ngenhlakanipho yangempela. Izahluko 10–24 ziqukethe inhlanganisela yezisho ngezindlela ezilungile kanye nezingalungile zokuphila. Izahluko 25–29 ziqukethe izaga zikaSolomoni ezabhalwa ngamadoda kaHezekiya, inkosi yakwaJuda. Izahluko 30–31 zihlanganise nencazelo ngowesifazane olungileyo.