Amasu Okufunda
UBali


UBali

Yisithixo sendoda engunkulunkulu welanga esasikhonzwa imvamisa eFinishiya (Ⅰ AmaKh. 16:31) kodwa futhi esasikhonzwa ngezindlela ezahlukene ezindaweni ezahlukene: sasikhonzwa ngabakwaMowabi njengoBali-Peyori (Num. 25:1–3), eShekemi njengoBali-Beriti (AbAhl. 8:33; 9:4), e-Ekroni njengoBali-Zebubi (Ⅱ AmaKh. 1:2). UBali kungaba ngofanayo noBeli wase Babiloni noZeyusi wamaGriki. Igama elithi Bali lisho ubudlelwano phakathi kwenkosi nesigqila sayo. Uphawu olujwayelekile lukaBali kwakuyinkunzi. U-Ashtorethi kwakuyisithixokazi ngokujwayelekile esasikhonzwa ndawonye noBali.

UBali kwesinye isikhathi wayehlanganiswa nelinye igama noma izwi ukukhombisa ukuxhumana noBali, njengendawo lapho ayekhonzwa khona noma umuntu onezici ezinjengalezo zikaBali. Kamuva, ngoba uBali wayesho izinto ezimbi kakhulu, igama elithi Bosheti lathatha indawo yalo kulawo magama ahlanganisiwe. UBosheti usho “ihlazo.”