Amasu Okufunda
INcwadi kwabaseGalathiya


INcwadi kwabaseGalathiya

Yincwadi eTestamenteni eliSha. Kwakuyincwadi ekuqaleni umPhostoli uPawulu ayibhalela abaNgcwele ababehlala kulo lonke laseGalathiya. Indikimba yalencwadi wukuthi ukukhululeka kwangempela kungatholakala kuphela ngokuphila ivangeli likaJesu Kristu. Uma abaNgcwele babemukela izimfundiso zabaJuda ababengamaKristu ababephikelela ekugcineni imithetho kaMose, babezovimbela noma bashabalalise inkululeko abase beyitholile kuKristu. Encwadini uPawulu wamisa isikhundla sakhe njengomPhostoli, wachaza ngemfundiso yokholo olulungileyo, futhi waqinisa ngokubaluleka kwenkolo yomoya.

Ezahlukweni 1 kanye no 2, uPawulu wazwakalisa ukudabuka ngezindaba ayezitholile zokuhlubuka phakathi kwabaseGalathiya futhi wacacisa ngesikhundla sakhe phakathi kwabaPhostoli. Izahluko 3 kanye no 4 zikhuluma ngemfundiso yokholo kanye nemisebenzi. Izahluko 5 kanye no 6 ziqukethe intshumayelo ngemiphumela enosizo yemfundiso yokholo.