Amasu Okufunda
Isinagoge


Isinagoge

Yindawo yokuhlanganela esetshenziselwa izinhloso zenkolo. Ezikhathini zeTestamente eliSha, impahla yasendlini ngokujwayelekile yayingahlotshisiwe, yenziwa ngumphongolo owawuqukethe amaphepha asongekayo omthetho kanye neminye imibhalo engcwele, itafula elincane lokufundela, kanye nezihlalo zabakhonzayo.

Isigungu sendawo samagosa yiso esasiphatha isinagoge. Yibo ababenquma ukuthi ngubani okufanele avunyelwe ukungena futhi nokuthi ngubani okufanele avinjelwe (Joh. 9:22; 12:42). Owayesesikhundleni owayebaluleke kakhulu kwakungumbusi wesinagoge (Marku 5:22; Luka 13:14). Ngokujwayelekile wayengumbhali, wayenakekela isakhiwo, futhi ebheka imisebenzi. Isikhonzi sasenza imisebenzi yobubhalane (Luka 4:20).

Kwakukhona isinagoge kuwo wonke amadolobha okwakuhlala kuwo abaJuda, eFilistiya kanye nakwezinye izindawo. Lokhu kwaba wusizo olukhulu ekusakazeni ivangeli likaJesu Kristu ngoba abefundisi bokuqala beBandla ngokuvamile babengakwazi ukukhuluma emasinagogeni (IzE. 13:5, 14; 14:1; 17:1, 10; 18:4). Lomkhuba wawukhona naphakathi kwabefundisi eNcwadini kaMormoni (Alima 16:13; 21:4–5; 32:1) futhi naphakathi kwabefundisi bokuqala kulolu hlelo lokwengamela (Mf&V 66:7; 68:1).