Amasu Okufunda
Ukuvuma isono, Vuma isono


Ukuvuma isono, Vuma isono

Imibhalo engcwele isebenzisa igama elithi ukuvuma okungenani ngezindlela ezimbili. Ngomqondo othile, ukuvuma wukusho ukuthi unokholo entweni ethile, njengokuvuma ukuthi uJesu unguKristu (Math. 10:32; Roma 10:9; Ⅰ Joh. 4:1–3; Mf&V 88:104).

Ngomunye umqondo, ukuvuma wukwemukela ukuba necala, njengokuvuma izono. Kungumsebenzi wabo bonke abantu ukuvuma zonke izono zabo eNkosini futhi bathole ukuxolelwa Yiyo (Mf&V 58:42–43). Uma kunesidingo, izono kufanele zivunywe kulowo muntu noma abantu aboniwe. Izono ezinzima kufanele zivunywe kulowo osesikhundleni seBandla (ezikhathini eziningi kumbhishobhi).