Amasu Okufunda
Ukwemukelwa


Ukwemukelwa

Imibhalo engcwele ikhuluma ngezinhlobo ezimbili zokwemukelwa.

(1) Umuntu ongeyena owozalo luka-Israyeli uba yilungu lomndeni ka-Abrahama nendlu ka-Israyeli ngokuba nokholo kuJesu Kristu, ngokuphenduka, ngokubhabhadiswa ngokucwiliswa, futhi nangokuthola uMoya oyiNgcwele (2 Nefi 31:17–18; Mf&V 84:73–74; Abr. 2:6, 10–11).

(2) Bonke abathole izimiso ezisindisayo zevangeli baba ngamadodana namadodakazi kaJesu Kristu ngokuqhubeka nokuhlonipha imiyalelo Yakhe (Roma 8:15–17; Gal. 3:24–29; 4:5–7; Mosiya 5:7–8).