Amasu Okufunda
Umfanekiso


Umfanekiso

Yindaba ejwayelekile esetshenziselwa ukuchaza futhi nokufundisa umgomo othile noma iqiniso lomoya. Umfanekiso umiswe ekuqhathaniseni into noma okwenzekayo okujwayelekile neqiniso, futhi incazelo engaphansi noma umyalezo womfanekiso uvame ukubacashela abalalele abangalungele ngokomoya ukuwemukela (Math. 13:10–17).

UJesu wayevame ukufundisa ngemifanekiso. Ukuze thole uhla lwemifanekiso Yakhe ebalulekile, bheka isihloko esithi UkuVumelana kweziNdaba zeVangeli esithasiselweni.