Amasu Okufunda
Isivumelwano no-Abrahama


Isivumelwano no-Abrahama

U-Abrahama walamukela ivangeli futhi wagcotshelwa kubuphristi obukhulu (Mf&V 84:14; Abr. 2:11), futhi wangena emshadweni wesilestiyali, okuyisivumelwano sokuphakanyiswa (Mf&V 131:1–4; 132:19, 29). U-Abrahama wathola isethembiso sokuthi zonke izibusiso zalezi zivumelwano ziyonikwa izizukulwane zakhe zasemhlabeni (Mf&V 132:29–31; Abr. 2:6–11). Zindawonye lezi zivumelwano nezethembiso zibizwa ngokuthi yisivumelwano sika-Abrahama. Ukubuyiselwa kwalesi sivumelwano kwaba wukuBuyiselwa kwevangeli ezinsukwini zokugcina, ngoba ngaso zonke izizwe zomhlaba ziyabusiseka (Gal. 3:8–9, 29; Mf&V 110:12; 124:58; Abr. 2:10–11).