Amasu Okufunda
Harris, Martin


Harris, Martin

Ngomunye woFakazi abaThathu bobuqiniso beNcwadi kaMormoni futhi nokuthi ivela kuNkulunkulu. Wasiza uJoseph Smith kanye neBandla ngezimali. INkosi yacela uMartin Harris ukuba athengise ngempahla yakhe futhi anike izimali ukuze kukhishwe iNcwadi kaMormoni (Mf&V 19:26–27, 34–35), ukuze abe yisibonelo eBandleni (Mf&V 58:35); futhi nokuba asize kukhokhelwe izindleko zobufundisi (Mf&V 104:26).

UMartin Harris wephucwa ubulungu eBandleni kodwa kamuva wabuyela ebulungwini obuphelele. Wafaza kwaze kwaba sekupheleni kwempilo yakhe ukuthi wabona ingelosi uMoroni futhi nezingcwephe zegolide uJoseph Smith ahumusha kuzo iNcwadi kaMormoni.