Amasu Okufunda
Adamu


Adamu

Ngumuntu wokuqala owadalwa emhlabeni.

U-Adamu ungubaba futhi ungumphatriyakhe wabantu bonke emhlabeni. Isiphambeko sakhe eNsimini yase-Edene (Gen. 3; Mf&V 29:40–42; Mose 4) sabangela ukuba “awe” futhi abe ngofayo, okuyisimo esidingekayo ukuze abantu baqhubekele phambili kulomhlaba (2 Nefi 2:14–29; Alima 12:21–26). Ngakho-ke u-Adamu no-Eva kufanele bahlonishwe ngendima yabo ekwenzeni ukukhula kwethu kwaphakade ukuba kwenzeke. U-Adamu ungomDala weziNsuku futhi waziwa ngokuthi unguMikayeli (Dan. 7; Mf&V 27:11; 107:53–54; 116; 138:38). Uyingelosi enkulu (Mf&V 107:54) futhi uzobuya futhi emhlabeni njengomphatriyakhe wabantu bonke (Mf&V 116).