Amasu Okufunda
Izivikelo zesifuba


Izivikelo zesifuba

Imibhalo engcwele ikhuluma ngezinhlobo ezimbili zezivikelo zesifuba: (1) Yinxenye yangaphambili yengubo yokuvikela noma isivikelo sesosha. Ngomqondo wokuba wuphawu, abaNgcwele kufanele bafake isivikelo sesifuba sokulunga ukuze bazivikele kokubi (Isaya 59:17; Ef. 6:14). (2) Yisembatho esasigqokwa ngumphristi omkhulu emthethweni kaMose (Eks. 28:13–30; 39:8–21). Sasenziwe ngelineni futhi sasinamatshe alishumi nambili ayigugu. Kwesinye isikhathi kukhulunywa ngaso maqondana ne-Urimi neThumimi (Mf&V 17:1; JS—uMl. 1:35, 42, 52).