Amasu Okufunda
Umthetho


Umthetho

Yimiyalelo noma yimithetho kaNkulunkulu okumiswe kuyo zonke izibusiso kanye nezijeziso ezulwini kanye nasemhlabeni. Labo abathobela imithetho kaNkulunkulu bathola izibusiso ezithenjisiwe. UmPhrofethi uJoseph Smith wafundisa ukuthi abantu kufanele bayithobele, bayihloniphe, futhi bayisekele imithetho yezwe (Bha. Kho. 1:12).

Umthetho kaMose kwakuwumthetho wokulungiselela ukuze ulethe amadoda nabesifazane kuKristu. Kwakuwumthetho wezivimbelo, iziyalo, kanye nezimiso. Namhlanje umthetho kaKristu, owagcwalisa umthetho kaMose, uwukuphelela konke kwevangeli noma “umthetho opheleleyo wenkululeko” (Jak. 1:25).