Amasu Okufunda
Jobe


Jobe

ETestamenteni eliDala, yindoda elungileyo eyezwa ukuhlushwa okukhulu kodwa yahlala ithembekile ekukholweni kwayo kuNkulunkulu. Indaba yakhe ixoxwa encwadini kaJobe.

Incwadi kaJobe

Nakuba incwadi iphathelene nokuzwa ubuhlungu kukaJobe, ayiwuphenduli umbuzo ngokuphelele wokuthi kungani uJobe (noma yimuphi omunye umuntu) wayengezwa ubuhlungu futhi alahlekelwe wumndeni kanye nezimpahla zakhe. Incwadi iyacacisa ukuthi ukuzwa ukuhlushwa akusho ukuthi umuntu wenze isono. INkosi ingakusebenzisa ukuhlushwa ukuze umuntu ezwe, alungiswe, futhi nokuze ayalwe nokuze ajeziswe (Mf&V 122).

Incwadi ingahlukaniswa izinxenye ezine. Izahluko 1–2 ziyisandulela sendaba. Izahluko 3–31 zikhuluma ngokulandelana kwezingxoxo phakathi kukaJobe kanye nabangane bakhe abathathu. Izahluko 32–37 ziqukethe izinkulumo zika-Elihu, umngane wesine, obeka icala uJobe ngezinye izizathu ngaphandle kwalezo zabangane abathathu bokuqala. Izahluko 38–42 ziphetha incwadi ngesiqiniseko kuJobe sokuthi indlela yakhe empilweni ibiyinhle kusuka ekuqaleni.

Incwadi kaJobe ifundisa ukuthi uma umuntu enolwazi lukaNkulunkulu oluyilo futhi ephila impilo eyamukelekile kuNkulunkulu, uzokwazi ukubekezelela ukuhlupheka okuza kuye. Ukholo lukaJobe olungapheli luchazwa wukukhala okunjengokuthi “Nakuba engibulala, kodwa ngizomethemba” (Jobe 13:15). UJobe kukhulunywa ngaye futhi kuHezekeli 14:14; kuJakobe 5:11; kwiMfundiso neziVumelwano 121:10.