Amasu Okufunda
Ukholo


Ukholo

Yiqholo entweni noma kumuntu. Njengokusetshenziswa njalo emibhalweni engcwele, ukholo yiqholo futhi nethemba kuJesu Kristu eliholela umuntu ukuba amlalele. Ukholo kufanele lugxile kuJesu Kristu ukuze luholele umuntu ensindisweni. Abangcwele beziNsuku zokuGcina banokholo futhi kuNkulunkulu uBaba, uMoya oNgcwele, amandla obuphristi, nezinye futhi izinxenye zevangeli elibuyiselwe.

Ukholo luhlanganisa ithemba ezintweni ezingabonwayo, kodwa eziliqiniso (Heb. 11:1; Alima 32:21; Etere 12:6). Ukholo luphembeka ngokuzwa ivangeli lifundiswa ngabaphathi abagunyaziwe abathunyelwe nguNkulunkulu (Roma 10:14–17). Izimangaliso aziluvezi ukholo, kodwa ukholo olunamandla lukhuliswa wukuhlonipha ivangeli likaJesu Kristu. Ngamanye amagama, ukholo luza ngokulunga (Alima 32:40–43; Etere 12:4, 6, 12; Mf&V 63:9–12).

Ukholo lwangempela luletha izimangaliso, imibono, amaphupho, ukwelashwa, futhi nazo zonke izipho zikaNkulunkulu azipha abaNgcwele Bakhe. Ngokholo umuntu uthola ukususwa kwezono futhi ekugcineni uyakwazi ukuhlala lapho kukhona khona uNkulunkulu. Ukungabi bikho kokholo kuholela umuntu ukuba aphelelwe yithemba ngenxa yobubi (Moro. 10:22).