Amasu Okufunda
IThempeli laseKirtland, e-Ohio (eMelika)


IThempeli laseKirtland, e-Ohio (eMelika)

Yithempeli lokuqala elakhiwa yiBandla kulezi zikhathi zamanje. AbaNgcwele balakha eKirtland, ngokomyalelo weNkosi (Mf&V 94:3–9). Enye yezinhloso kwakuwukunika indawo lapho amalungu eBandla afanelwe ayengathola khona amandla omoya, igunya, kanye nokukhanyiselwa (Mf&V 109–110). Lanikelwa ngomhlaka 27 Mashi 1836; umkhuleko wokulinikela wanikwa kumPhrofethi uJoseph Smith ngesambulo (Mf&V 109). INkosi yanika izambulo ezibalulekile ezahlukene futhi yabuyisela nezikhiye zobuphristi kulelithempeli (Mf&V 110; 137). Alizange lisetshenziselwe izimiso zonke zethempeli ezinikwa emathempelini namhlanje.