Amasu Okufunda
Okuhlanzekile nokungahlanzekile


Okuhlanzekile nokungahlanzekile

ETestamenteni eliDala, iNkosi yembula kuMose futhi nabakwa-Israyeli basemandulo ukuthi wukudla okuthile kuphela okwakuthathwa njengokuhlanzekile noma, ngamanye amagama, okwakufanele ukudliwa. Ukwehlukanisa abakwa-Israyeli ababekwenza phakathi kokudla okuhlanzekile nokungahlanzekile kwaba nomphumela omkhulu empilweni yabo yenkolo neyokuhlalisana nabantu. Izilwane, izinyoni, futhi nezinhlanzi ezithile zazithathwa njengezazihlanzekile futhi zemukelekile ukuba zidliwe, kanti ezinye zazingahlanzekile futhi zazingavunyelwe (Lev. 11; Dut. 14:3–20). Abanye abantu ababenezifo babethathwa njengabantu ababengahlanzekile.

Ngokomoya, ukuhlanzeka kusho ukungabi naso isono futhi nezifiso zokwenza isono. Ngokwalomqondo kusetshenziswa igama ukuchaza umuntu olungileyo futhi onenhliziyo ehlanzekileyo (AmaH. 24:4). Abantu baNkulunkulu besivumelwano bahlale njalo benemiyalo ethile yokuba bahlanzeke (3 Nefi 20:41; Mf&V 38:42; 133:5).