Amasu Okufunda
Mathewu


Mathewu

NgumPhostoli kaJesu Kristu kanye nombhali wencwadi yokuqala eTestamenteni eliSha. UMathewu, umJuda owayeqoqela amaRoma intela eKapernawume, cishe wayesebenzela uHerode Antiphasi. Ngaphambi kokuguquka kwakhe wayaziwa njengoLevi, indodana ka-Alfewu (Marku 2:14). Masinyane-nje emuva kokubizwa kwakhe ukuba abe ngumfundi kaJesu, wenza idili lapho okwakukhona khona iNkosi (Math. 9:9–13; Marku 2:14–17; Luka 5:27–32). UMathewu cishe wayenolwazi olukhulu lwemibhalo engcwele yeTestamente eliDala futhi wakwazi ukubona ukugcwaliseka kwesiphrofetho empilweni yeNkosi. Kuncane okwaziwayo ngempilo yakamuva yalomPhostoli. Enye indaba ethathwe kokhokho iyaqinisa ukuthi wafa njengomfelukholo.

IVangeli likaMathewu

Yincwadi yokuqala eTestamenteni eliSha. IVangeli likaMathewu cishe ekuqaleni lalibhalelwe ukuba lisetshenziswe ngabaJuda ababeseFilistiya. Lisebenzisa eziningi izimpinda ezisuka eTestamenteni eliDala. Inhloso kaMathewu kwakuwukukhombisa ukuthi uJesu kwakunguMesiya abaphrofethi beTestamente eliDala ababekhuluma ngaye. Wagcizelela futhi ukuthi uJesu uyiNkosi kanye nomaHluleli wabantu.

Ukuze uthole uhla lwezehlakalo empilweni yomSindisi njengoba zichaziwe eVangelini lika Mathewu, bheka isihloko esithi ukuVumelana kweziNdaba zeVangeli esithasiselweni.