Amasu Okufunda
Ulimi


Ulimi

Ngokusetshenziswa kwalo emibhalweni engcwele, igama elithi ulimi linezincazelo ezimbili: (1) Ngamagama, abhaliwe noma akhulunywayo, ahlanganiswa ndawonye ngezindlela ezithile ukuze kwaziswe ulwazi, imicabango, kanye nemiqondo. Indlela esisebenzisa ngayo ulimi ikhombisa ukuthi sicabanga kanjani ngoNkulunkulu kanye nabanye abantu. EkuZeni kwesiBili kukaJesu Kristu iNkosi izonika bonke abantu ulimi olumsulwa (Zef. 3:8–9). (2) Ulimi lusho futhi izilimi kanye nabantu. Ekugcineni, amadolo onke ayokhothama futhi izilimi zonke ziyovuma kuNkulunkulu (Isaya 45:23; Roma 14:11).

Ngamagama, abhaliwe noma akhulunywayo

Lusho futhi izilimi kanye nabantu