Amasu Okufunda
Iziqalekiso, Qalekisa


Iziqalekiso, Qalekisa

Emibhalweni engcwele, isiqalekiso wukusetshenziswa komthetho kaNkulunkulu ovumela noma oletha ukwahlulelwa nemiphumela yako entweni ethile, kumuntu, noma kubantu ikakhulu ngenxa yokwenza ukungalungi. Iziqalekiso ziyisibonakaliso sothando lukaNkulunkulu futhi nokulunga. Zingenziwa nguNkulunkulu ngqo noma zishiwo yizinceku Zakhe ezigunyaziwe. Kwesinye isikhathi, izizathu ezigcwele zeziqalekiso zaziwa kuphela nguNkulunkulu. Phezu kwalokho, isimo sokuqalekiswa sizwiwa yilabo abangamhloniphi uNkulunkulu ngamabomu futhi ngalokho bazisuse eMoyeni weNkosi.

INkosi ingazisusa iziqalekiso ngenxa yokuhlonipha komuntu noma ngenxa yokukholwa kwabantu kuJesu Kristu futhi nokuhlonipha kwabo imithetho nezimiso zevangeli (Alima 23:16–18; 3 Nefi 2:14–16; Bha. Kho. 1:3).

Isithuko

Ukuqalekisa futhi wukusebenzisa ulimi olungcolile, lokuhlambalaza, noma lokudelela.