Amasu Okufunda
Mormoni, umphrofethi wamaNefi


Mormoni, umphrofethi wamaNefi

Ngumphrofethi ongumNefi, ngujenene wempi, kanye nomgcini wemibhalo eNcwadini kaMormoni. UMormoni wayephila cishe ngonyaka ka 311–385 emva kukaKristu (Morm. 1:2, 6; 6:5–6; 8:2–3). Wayengumholi wempi impilo yakhe yonke, kusuka eseneminyaka yobudala eyishumi nanhlanu (Morm. 2:1–2; 3:8–12; 5:1; 8:2–3). U-Amaroni wayala uMormoni ukuba azilungiselele ukuba aphathe imibhalo kanye nokugcinwa kwayo (Morm. 1:2–5; 2:17–18). Emuva kokubhala ngomlando wempilo yakhe yonke, uMormoni wafinyeza izingcwephe ezinkulu zikaNefi ezingcwepheni zikaMormoni. Emuva kwesikhathi wadlulisela lombhalo ongcwele endodaneni yakhe uMoroni. Lezi zingcwephe zaziyinxenye yombhalo uJoseph Smith ahumusha kuwo iNcwadi kaMormoni.

AmaZwi kaMormoni

Yincwadi encane eNcwadini kaMormoni. Phakathi kwamazwi okugcina ka-Amaleki encwadini ka-Omini kanye namazwi okuqala encwadini kaMosiya, uMormoni, umhleli wayo yonke imibhalo, wenza lesi singeniso. (Bheka “INcazelo emFishane ngeNcwadi kaMormoni” ngaphambili kweNcwadi kaMormoni.)

Incwadi kaMormoni

Yincwadi eyahlukene nezinye phakathi kwencwadi yemibhalo engcwele eyaziwa ngokuthi yiNcwadi kaMormoni. Izahluko 1–2 zikhuluma ngo-Amaroni, umphrofethi wamaNefi, eyala uMormoni ngokuthi uzozithola kuphi futhi nanini izingcwephe. Futhi, izimpi ezinkulu zaqala, futhi amaNefi amaThathu athathwa ngenxa yokukhohlakala kwabantu. Izahluko 3–4 zikhuluma ngoMormoni ekhala ngokuphenduka kubantu, kodwa base bebuthuntu, nokukhohlakala okukhulu kwabusa kakhulu kunakuqala kwa-Israyeli. Izahluko 5–6 zibhale ngezimpi zokugcina phakathi kwamaNefi kanye namaLamani. UMormoni wabulawa kanye nabaningi besizwe samaNefi. Esahlukweni 7, ngaphambi kokuba afe, uMormoni wabiza abantu—ngaleso sikhathi kanye nasesikhathini esizayo—ukuba baphenduke. Izahluko 8–9 zibhale ngokuthi ekugcineni yindodana kaMormoni kuphela, uMoroni, eyasala. Wabhala ngezenzeko zokugcina zokufa kanye nokufa kwabantu abaningi, kuhlanganisa nesiphelo sabantu bakwaNefi, futhi wabhala nomyalezo ezizukulwaneni zesikhathi esizayo kanye nakubafundi balombhalo.