Amasu Okufunda
Ukukhanya, Ukukhanya kukaKristu


Ukukhanya, Ukukhanya kukaKristu

Ngamandla kaNkulunkulu noma yithonya elivela kuNkulunukulu ngoKristu futhi lokhu kunika impilo kanye nokukhanya ezintweni zonke. Kungumthetho okubuswa ngawo zonke izinto ezulwini kanye nasemhlabeni (Mf&V 88:6–13). Kusiza abantu futhi ukuba bawaqonde amaqiniso evangeli futhi kubasiza ngokuba kubabeke endleleni yevangeli eholela ensindisweni (Joh. 3:19–21; 12:46; Alima 26:15; 32:35; Mf&V 93:28–29, 31–32, 40, 42).

Ukukhanya kukaKristu akufanele kudidaniswe noMoya oNgcwele. Ukukhanya kukaKristu akusiye umuntu. Kuyithonya elivela kuNkulunkulu futhi kulungiselela umuntu ukuba athole uMoya oNgcwele. Kuyithonya lokuba kube khona ubuhle ezimpilweni zabantu bonke (Joh. 1:9; Mf&V 84:46–47).

Isibonakaliso esisodwa sokukhanya kukaKristu ngunembeza, osiza umuntu ukuba akhethe phakathi kokulungileyo kanye nokungalungile (Moro. 7:16). Ngesikhathi abantu befunda kakhudlwana ngevangeli, onembeza babo baba nozwelo olukhudlwana (Moro. 7:12–19). Abantu abalalela ukukhanya kukaKristu baholelwa evangelini likaJesu Kristu (Mf&V 84:46–48).