Amasu Okufunda
INcwadi kaMormoni


INcwadi kaMormoni

Ngenye yezincwadi zemibhalo engcwele eyemukelwa yiBandla likaJesu Kristu labaNgcwele beziNsuku zokuGcina. Ingokufinqgiwe okwenziwa ngumphrofethi wasemandulo okuthiwa nguMormoni kwemibhalo yabasendulo ababehlala emazweni aseMelika. Yabhalelwa ukufakaza ukuthi uJesu unguKristu. Ngokuphathelene nalombhalo, umPhrofethi uJoseph Smith, owawuhumusha ngesipho nangamandla kaNkulunkulu, wathi, “Ngabatshela abazalwane ukuthi iNcwadi kaMormoni kwakuyiyona eyayilunge kakhulu kunanoma iyiphi enye incwadi emhlabeni, futhi iyisisekelo senkolo yethu, futhi umuntu angasondela kuNkulunkulu ngokuphila ngemiyalo yayo, kunanoma yingayiphi enye incwadi” (bheka isingeniso ngaphambili kweNcwadi kaMormoni).

INcwadi kaMormoni ngumbhalo wenkolo wamaqembu amathathu abantu abasuka emHlabeni omDala baya emazwenikazi aseMelika. Lamaqembu ayeholwa ngabaphrofethi ababebhala imilando yabo yenkolo neyasemhlabeni ezingcwepheni zensimbi. INcwadi kaMormoni ibhala ngokuhambela kukaJesu Kristu kulaba bantu emazweni aseMelika emva koVuko Lwakhe. Kwalandela isikhathi sokuthula seminyaka engamakhulu amabili emuva kwalokho kuhambela kukaKristu.

UMoroni, owaba ngowokugcina wabaphrofethi nababhali bemilando, wayivalela imibhalo yalaba bantu efinqgiweyo futhi wayicashisa cishe ngonyaka wama 421 emva kokuzalwa kukaKristu. Ngonyaka ka1823, uMoroni owayesengovuke kwabafileyo wahambela uJoseph Smith kwathi kamuva wamnika lemibhalo yasemandulo futhi nengcwele ukuze ihunyushwe futhi ivezwe emhlabeni njengelinye itestamente likaJesu Kristu.