Amasu Okufunda
Umbono


Umbono

Yisambulo esibonwayo sesehlakalo, somuntu, noma sento ethile ngamandla oMoya oNgcwele.

Izibonelo zemibono ebalulekile zihlanganisa lokhu okulandelayo: Umbono kaHezekeli wezinsuku zokugcina (Hez. 37–39), umbono kaStefanu kaJesu emi ngakwesonene sikaNkulunkulu (IzE. 7:55–56), isambulo sikaJohane ngokuphathelene nezinsuku zokugcina (IsAmb. 4–21), umbono kaLehi kanye nokaNefi womuthi wokuphila (1 Nefi 8; 10–14), umbono ka-Alima omNcane wengilosi yeNkosi (Mosiya 27), umbono womfowabo kaJarede wabantu bonke abahlala emhlabeni (Etere 3:25), umbono wezinkazimulo (Mf&V 76), imibono eyanikwa uJoseph Smith kanye no-Oliver Cowdery eThempelini laseKirtland (Mf&V 110), umbono kaJoseph F. Smith wokuhlengwa kwabafileyo (Mf&V 138), umbono kaMose kaNkulunkulu kanye nendalo Yakhe (Mose 1), umbono ka-Enoke kaNkulunkulu (Mose 6–7), umBono kaJoseph Smith wokuQala (JS—uMl. 1).