Amasu Okufunda
IMfundiso neziVumelwano


IMfundiso neziVumelwano

Yingqoqelelo yezambulo zikaNkulunkulu zezinsuku zokugcina nezimemezelo ezenziwe ngokushisekeliswa. INkosi yazinika uJoseph Smith futhi nabambalwa abamlandelayo ukuze kumiswe futhi kuhanjiswe ngomthetho umbuso kaNkulunkulu emhlabeni ezinsukwini zokugcina. IMfundiso neZivumelwano ngeminye yemisebenzi eyamukelekile yemibhalo engcwele eBandleni likaJesu Kristu labaNgcwele beziNsuku zokuGcina, kanye neBhayibheli, iNcwadi kaMormoni, futhi neGugu leNani eliKhulu. IMfundiso neziVumelwano kodwa ihlukile ngoba ayikona ukuhunyushwa kwemibhalo yakudala; iNkosi yazinika lezi zambulo kubaphrofethi Bayo abakhethiweyo kulesi sikhathi samanje ukuze kubuyiselwe umbuso Wayo. Kulezi zambulo umuntu uzwa izwi elinesizotha kodwa eliqinileyo leNkosi uJesu Kristu (Mf&V 18:35–36).

Umlando ka Joseph Smith uthi iMfundiso neziVumelwano yisisekelo seBandla ezinsukwini zokugcina futhi iyinzuzo emhlabeni (Mf&V 70 isihloko). Izambulo ezikuyo ziqala umsebenzi wokulungisa indlela yokuZa kwesiBili kweNkosi, ukugcwalisa wonke amagama akhulunywa ngabaphrofethi selokhu kwaqala umhlaba.