Amasu Okufunda
ITestamente eliDala


ITestamente eliDala

Yimibhalo yabaphrofethi basemandulo ababesebenza ngaphansi kwamandla oMoya oNgcwele futhi emakhulwini amaningi eminyaka abafakaza ngoKristu kanye nangobufundisi Bakhe obuzayo. Iqukethe futhi umbhalo womlando ka-Abrahama kanye nozalo lwakhe, kusuka ku-Abrahama, kanye nesivumelwano, noma itestamente, iNkosi eyasenza no-Abrahama kanye nezizukulwana zakhe ezizayo.

Izincwadi zokuqala ezinhlanu zeTestamente eliDala zabhalwa nguMose. ZinguGenesise, u-Eksodusi, uLevitikusi, uNumeri, kanye noDuteronomi. UGenesise ubhekise ekudabukeni komhlaba, abantu, izilimi, izizwe, kanye nesiqalo sendlu ka-Israyeli.

Izincwadi zomlando zikhuluma ngezehlakalo zakwa-Israyeli. Lezi zincwadi nguJoshuwa, abAhluleli, uRuthe, Ⅰ kanye no Ⅱ Samuweli, Ⅰ kanye no Ⅱ AmaKhosi, Ⅰ kanye no Ⅱ IziKronike, u-Ezra, uNehemiya, kanye no-Esteri.

Izincwadi zezinkondlo zibhale ngokunye kokuhlakanipha kanye nomthapho wezincwadi zabaphrofethi. Lezi nguJobe, AmaHubo, Izaga, UmShumayeli, IsiHlabelelo seziHlabelelo, kanye nesILilo.

Abaphrofethi bamxwayisa u-Israyeli ngezono zakhe futhi bafakaza ngezibusiso eziza ngenxa yokulalela. Baphrofetha ngokuza kukaKristu, owayezohlawulela izono zalabo abaphendukayo, abemukela izimiso, futhi nabaliphilayo ivangeli. Izincwadi zabaphrofethi ngu-Isaya, Jeremiya, Hezekeli, Daniyeli, Hoseya, Joweli, Amose, Obadiya, Jona, Mika, Nahume, Habakuki, Zefaniya, Hagayi, Zakariya, kanye noMalaki.

Eziningi izincwadi zeTestamente eliDala zazibhalwe ngesiHeberu. Imibhalo embalwa iqukethe isi-Aramu, ulimi oluhlobene naso.