Amasu Okufunda
Smith, Joseph, omNcane


Smith, Joseph, omNcane

Ngumphrofethi owakhethwa ukuba abuyisele iBandla likaJesu Kristu leqiniso emhlabeni. UJoseph Smith wazalelwa esifundazweni saseVermont eMelika futhi waphila kusuka ngo1805 kuya ku1844.

Ngo1820, uNkulunkulu uBaba kanye noJesu Kristu bavela kuJoseph, futhi wafunda ukuthi lalingekho ibandla kulawo ayesemhlabeni elalingeleqiniso (JS—uMl. 1:1–20). Kamuva wahanjelwa yingelosi uMoroni, owembula indawo okwakufihlwe kuyo izingcwephe zegolide ezaziqukethe umbhalo wabantu basemandulo ababesezwenikazi laseMelika (JS—uMl. 1:29–54).

UJoseph wazihumusha izingcwephe zegolide kwathi ngo1830 wazikhipha njengeNcwadi kaMormoni (JS—uMl. 1:66–67, 75). Ngo1829, wathola igunya lobuphristi kuJohane umBhabhadisi kanye nakuPetru, uJakobe, kanye nakuJohane (Mf&V 13; 27:12; 128:20; JS—uMl. 1:68–70).

Njengokuboniswa nguNkulunkulu, ngomhlaka 6 Epreli 1830, uJoseph kanye nabanye abambalwa balihlanganisa iBandla likaJesu Kristu elibuyiselwe (Mf&V 20:1–4). Ngaphansi kokuholwa nguJoseph Smith, iBandla lakhula eKhanada, eNgilandi, kanye nakwingxenye engasempumalanga yaseMelika, ikakhulukazi e-Ohio, eMissouri, kanye nase-Illinois. Ukuhlushwa okukhulu kwalandela uJoseph kanye nabaNgcwele noma yikuphi lapho ababehlala khona. Ngomhlaka 27 Juni 1844, uJoseph kanye nomfowabo uHyrum babulalelwa ukholo eCarthage, e-Illinois, eMelika.

Imibhalo engcwele eyavezwa ngumPhrofethi uJoseph Smith

UJoseph wahumusha izingcwephe zegolide ezanikwa kuye yingelosi uMoroni, lokho kuhunyushwa okwakhishwa ngo1830 njengeNcwadi kaMormoni. Futhi wathola izambulo eziningi eNkosini ezazibeka kafushane izimfundiso eziyisisekelo kanye nokumiswa kweBandla. Eziningi zalezi zambulo zahlanganiselwa kulokho osekwaziwa manje njengeMfundiso neziVumelwano. Nguye futhi owaveza iGugu leNani eliKhulu, eliqukethe ukuhunyushwa kweminye imibhalo kaMose, u-Abrahama, kanye nekaMathewu, nokukhishwe emlandweni kanye nasebufakazini bakhe uqobo, kanye nokushiwoyo okuyimisho eyishumi nantathu yemfundiso kanye nenkolelo yeBandla.