Amasu Okufunda
Phentekoste


Phentekoste

Njengengxenye yomthetho kaMose, uMkhosi wePhentekoste noma weziThelo zokuQala wawubakhona izinsuku ezingamashumi ayisihlanu emva koMkhosi wePhasika (Lev. 23:16). IPhentekoste yayiwukugubha isivuno, futhi eTestamenteni eliDala ibizwa ngokuthi nguMkhosi wesiVuno noma nguMkhosi wamaSonto. Yilomkhosi owawugujwa ngesikhathi abaPhostoli eJerusalema begcwaliswa ngoMoya oNgcwele futhi bekhuluma izilimi (IzE. 2; Mf&V 109:36–37).