Amasu Okufunda
Daniyeli


Daniyeli

Nguyena muntu omkhulu encwadini kaDaniyeli eTestamenteni eliDala; ngumphrofethi kaNkulunkulu futhi nendoda yokholo olokhulu.

Akwaziwa lutho ngabazali bakhe, nakuba kuvela ukuthi wayengowozalo lwasebukhosini (Dan. 1:3). Wathunjwa eBabiloni, lapho athola khona igama elithi Beliteshasari (Dan. 1:6–7). UDaniyeli nabanye abathunjwa bakwenqaba ukudla kwenkosi ngenxa yezizathu zenkolo (Dan. 1:8–16).

UDaniyeli wathola ukuthandwa nguNebukadinesari futhi noDariyu ngamandla akhe okuhumusha amaphupho (Dan. 2; 4; 6). Wafunda futhi wahumusha umbhalo wesandla owawusodongweni (Dan. 5). Izitha zakhe zamakhela uzungu, futhi waphonswa emphandwini wezingonyama, kodwa iNkosi yayisindisa impilo yakhe (Dan. 6).

Incwadi kaDaniyeli

Incwadi inezigaba ezimbili: izahluko 1–6 yizindaba ngoDaniyeli futhi nalabo ababekanye naye abathathu; izahluko 7–12 yimibono yeziphrofetho eyabonwa nguDaniyeli. Incwadi ifundisa ngokubaluleka kokuthembeka kuNkulunkulu futhi ibonisa ukuthi iNkosi iyababusisa abathembekileyo.

Umnikelo umkhulu wencwadi wukuhunyushwa kwephupho leNkosi uNebukadinesari. Ephusheni, umbuso kaNkulunkulu ezinsukwini zokugcina ufaniswa netshe elaqheshulwa entabeni. Itshe lizoginqika njalo lize ligcwalise umhlaba wonke (Dan. 2; bheka futhi ku Mf&V 65:2).