Amasu Okufunda
Josefa, indodana kaJakobe


Josefa, indodana kaJakobe

ETestamenteni eliDala, yindodana yokuqala kaJakobe kanye noRaheli (Gen. 30:22–24; 37:3).

UJosefa wathola ubuzibulo kwa-Israyeli ngoba uRubeni, indodana yokuqala yomfazi kaJakobe wokuqala, walahlekelwa yilelilungelo ngokona (Ⅰ IziKr. 5:1–2). Ngenxa yokuthi wayefanelwe, uJosefa, njengendodana yokuqala yomfazi kaJakobe wesibili, kwakunguye owayelandela ukuthola isibusiso. UJosefa wathola isibusiso futhi kubaba wakhe isikhashana ngaphambi kokuba uJakobe afe (Gen. 49:22–26).

UJosefa kwakuyindoda eyayinesimilo esihle kakhulu, engumuntu “oqaphelayo” no “hlakaniphileyo” (Gen. 41:39). Ukwenqaba kwakhe umfazi kaPotifari kuyisibonelo sokholo, ubumsulwa, kanye nobuqotho bakhe (Gen. 39:7–12). EGibithe, ngesikhathi uJosefa embula ukuba nguye ngempela kubafowabo, wababonga esikhundleni sokubasola ngendlela ababemphathe ngayo. Wayekholwa wukuthi izenzo zabo zasiza ukuze kufezwe intando kaNkulunkulu (Gen. 45:4–15).

Isambulo sezinsuku zokugcina sembula umsebenzi wokufundisa ivangeli omkhudlwana womndeni kaJosefa ezinsukwini zokugcina (HJS, Gen. 50:24–38 [Isithasiselo]; 2 Nefi 3:3–24; 3 Nefi 20:25–27).