Amasu Okufunda
AmaFilisti


AmaFilisti

ETestamenteni eliDala, yisizwana ekuqaleni esasisuka eKafitori (Amose 9:7) futhi esasihlala ezweni elinothileyo eliphansi ogwini lweMediteleniyani ukusuka eJopha kuya ogwadule lwaseGibithe ngaphambi kwezinsuku zika-Abrahama (Gen. 21:32). Iminyaka eminingi kwakukhona ukulwa kwamasotsha phakathi kwamaFilisti kanye nabakwa-Israyeli. Ekugcineni iFilistiya, igama lezwana lamaFilisti, laba yibiso elijwayelekile lalo lonke iZwe eliNgcwele.