Amasu Okufunda
Abazali


Abazali

Ngobaba kanye nomama. Abayeni kanye nabafazi ababoshiwe ngendlela efanele emshadweni ethempelini likaNkulunkulu basengagcwalisa indima yabo njengabazali kulo lonke iphakade. “Abazali banomthwalo ongcwele wokuba bakhulise abantwana babo ngothando nangokulunga, ukuba babanike izidingo zabo zenyama nezomoya, futhi nokuthi babafundise ukuthi bathandane futhi basizane, bagcine imiyalelo kaNkulunkulu, futhi babe ngabantu abahlonipha imithetho yalelozwe abahlala kulo” (“UmNdeni: ISaziso emHlabeni Wonke.” Ensign, Novemba, 2010, ikhasi 129).