Amasu Okufunda
Moroni, indodana kaMormoni


Moroni, indodana kaMormoni

Ngumphrofethi wokugcina ongumNefi eNcwadini kaMormoni (cishe ngonyaka ka421 emuva kukaKristu). Ngaphambi nje kokuba uMormoni afe, wanikeza umbhalo womlando obizwa ngezingcwephe zikaMormoni endodaneni yakhe uMoroni (Am. kaM. 1:1). UMoroni waqeda ukuhlanganisa izingcwephe zikaMormoni. Wengeza izahluko 8 kanye no 9 eNcwadini kaMormoni (Morm. 8:1). Wafinyeza futhi wafaka phakathi incwadi ka-Etere (Etere 1:1–2) futhi wengeza eyakhe incwadi ebizwa ngencwadi kaMoroni (Moro. 1). UMoroni wazivalela izingcwephe futhi wazicashisa egqumeni iKumora (Morm. 8:14; Moro. 10:2). Ngo1823 uMoroni wathunyelwa njengomuntu ovuswe ekufeni ukuba embule iNcwadi kaMormoni kuJoseph Smith (Mf&V 27:5; JS—uMl. 1:30–42, 45). Wamyala umphrofethi owayesemncane njalo ngonyaka kusuka ngo1823 kuya ku1827 (JS—uMl. 1:54) futhi ekugcineni wamnika izingcwephe ngonyaka ka1827 (JS—uMl. 1:59). Emuva kokuqeda ukuhumusha uJoseph Smith wazibuyisela izingcwephe kuMoroni.

Incwadi kaMoroni

Yincwadi yokugcina phakathi eNcwadini kaMormoni. Yabhalwa ngumphrofethi ongumNefi wokugcina, uMoroni. Izahluko 1–3 zikhuluma ngokubhujiswa kokugcina kwamaNefi, zinika imiyalelo ngokunikwa kukaMoya oNgcwele kanye nobuphristi. Izahluko 4–5 zichaza kabanzi ngendlela okuyiyo du yokupha isidlo esingcwele. Isahluko 6 sibukeza umsebenzi weBandla. Izahluko 7–8 yizintshumayelo ngemigomo yokuqala yevangeli, kuhlanganisa nezimfundiso ezenziwa nguMormoni ngokholo, ithemba, kanye nesihe kanye nangendlela yokwahlulela okuhle nokubi (Moro. 7), kanye nencazelo kaMormoni yokuthi abantwana abancane bayaphila kuKristu futhi abawudingi umbhabhadiso (Moro. 8). Isahluko 9 sichaza ngokonakala kwesizwe samaNefi. Isahluko 10 wumyalezo wokugcina kaMoroni futhi sihlanganisa nendlela yokwazi ngeqiniso leNcwadi kaMormoni (Moro. 10:3–5).