Amasu Okufunda
Enoshe, indodana kaJakobe


Enoshe, indodana kaJakobe

Ngumphrofethi wamaNefi futhi nomgcini wemibhalo eNcwadini kaMormoni owakhulekela futhi wathola ukususwa kwezono zakhe ngokholo lwakhe kuKristu (Enoshe 1:1–8). INkosi yavumelana no-Enoshe ukuthi iyoveza iNcwadi kaMormoni kumaLamani (Enoshe 1:15–17).

Incwadi ka-Enoshe

Yincwadi eNcwadini kaMormoni ekhuluma ngomkhuleko ka-Enoshe eNkosini ekhulekela ukuthethelelwa, abantu bakhe, futhi nabanye. INkosi yamethembisa ukuthi iNcwadi kaMormoni iyogcinwa futhi nokuthi iyotholakala kumaLamani esikhathini esizayo. Nakuba incwadi iqukethe isahluko esisodwa kuphela, ibhale ngendaba yendoda eyafuna uNkulunkulu wayo emkhulekweni, eyaphila ngokuhlonipha imiyalelo kaNkulunkulu, futhi ngaphambi kokufa kwayo eyathokozela ukwazi ngomHlengi wayo.