Amasu Okufunda
Imana


Imana

Yintwana ewukudla okuncane okuyindilinga okucoliweyo okunambitheka njengoju (Eks. 16:14–31) noma lwamafutha asemasha (Num. 11:7–8). INkosi yakunika ukuze iphe ukudla abantwana bakwa-Israyeli ngesikhathi sabo seminyaka engamashumi amane ehlane (Eks. 16:4–5, 14–30, 35; Josh. 5:12; 1 Nefi 17:28).

Abantwana bakwa-Israyeli bakubiza ngokuthi yimana (noma man-hu ngesiHeberu)—okwakusho ukuthi “Yini lena?”—ngoba babengazi ukuthi kwakuyini (Eks. 16:15). Kwakubizwa futhi ngokuthi “yisinkwa sezingelosi” kanye ne “sinkwa esivela ezulwini” (AmaH. 78:24–25; Joh. 6:31). Kwakuwuphawu lukaKristu, owayezoba yiSinkwa sokuPhila (Joh. 6:31–35).