Amasu Okufunda
Thethelela


Thethelela

Njengoba kusetshenziswa emibhalweni engcwele, ngokujwayelekile ukuthethelela kusho okukodwa kwezinto ezimbili: (1) Uma uNkulunkulu ethethelela abantu, uyakwesula noma uyakuchitha ukujeziswa okudingekile ngenxa yesono. NgeNhlawulo kaKristu, bonke abaphendukayo bayathethelelwa, ngaphandle kwalabo abanecala lokubulala noma lesono esingathetheleleki ngokuphambene noMoya oNgcwele. (2) Uma abantu bethethelelana, baphathana ngothando olufana nolukaKristu futhi abanayo imizwa emibi kulabo ababonileyo (Math. 5:43–45; 6:12–15; Luka 17:3–4; 1 Nefi 7:19–21).