Amasu Okufunda
ITestamente eliSha


ITestamente eliSha

Yinhlanganisela yemibhalo eyenziwa ngokushisekeliswa (ekuqaleni eyayingesiGriki) ekhuluma ngempilo kanye nobufundisi bukaJesu Kristu, abaPhostoli, kanye nabanye abalandeli baJesu Kristu. ITestamente eliSha ngokuvamile lihlukaniswe laba yiziNdaba zeVangeli, iZenzo zabaPhostoli, izincwadi zikaPawulu, izincwadi ezijwayelekile, kanye nencwadi yeSambulo.

IziNdaba zeVangeli ezine—izincwadi zikaMathewu, Marku, Luka, kanye nekaJohane—ziyizindaba zempilo kaKristu. Incwadi yeZenzo ibhale ngomlando weBandla kanye nabaPhostoli, ikakhulukazi ukuhamba kobufundisi kukaPawulu, emuva kokufa kukaKristu. Izincwadi zikaPawulu zinika iziyalo kubaholi beBandla kanye nakumalungu. Ezinye izincwadi zabhalwa ngabanye abaPhostoli futhi zinika ukululekwa okwengeziwe kwabaNgcwele basekuqaleni. Incwadi yeSambulo, eyabhalwa ngumPhostoli uJohane, iqukethe ikakhulu iziphrofetho eziphathelene nezinsuku zokugcina.