Amasu Okufunda
Umuntu wemvelo


Umuntu wemvelo

Ngumuntu okhetha ukuyengwa ngamalukuluku, yizifiso, yizinkanuko, kanye nemizwa yenyama kunokuba ayengwe wukuboniswa nguMoya oNgcwele. Umuntu onjalo uyaziqonda izinto zomzimba kodwa hhayi izinto zomoya. Bonke abantu banobunyama, noma ngabafayo ngenxa yokuWa kuka-Adamu kanye no-Eva. Umuntu ngamunye kufanele azalwe kabusha ngeNhlawulo kaJesu Kristu ukuze ayeke ukuba ngumuntu wemvelo.