Amasu Okufunda
Ukubizwa nokukhethwa


Ukubizwa nokukhethwa

Abalandeli abalungileyo baKristu bangabalwa nalabo abakhethiweyo abathola isiqiniseko sokuphakanyiswa. Lokhu kubizwa nokukhethwa kuqala ngokuphenduka nokubhabhadiswa. Kuba ngokupheleleyo uma “niqhubekela phambili ngenkuthalo, nizitika ngezwi likaKristu, futhi nibekezela kuze kube sekugcineni” (2 Nefi 31:19–20). Lendlela imibhalo engcwele iyibiza ngokuthi wukwenza ukubizwa nokukhethwa kwethu kuqiniseke (Ⅱ Petru 1:4–11; Mf&V 131:5–6).