Amasu Okufunda
Mose


Mose

Ngumphrofethi waseTestamenteni eliDala owahola abakwa-Israyeli ukuba baphume ebugqilini baseGibithe futhi wabanika imithetho yenkolo, yokuhlalisana kwabo, kanye neyokudla njengoba yembulwa nguNkulunkulu.

Ubufundisi bukaMose badlula imikhawulo yesikhathi sakhe sokuphila sasemhlabeni. UJoseph Smith wafundisa ukuthi, ephelekezelwa ngu-Eliya, weza eNtabeni yokuGuqulwa futhi wanika izikhiye zobuphristi kuPetru, kuJakobe, kanye nakuJohane (Math. 17:3–4; Marku 9:4–9; Luka 9:30; Mf&V 63:21).

UMose wavela kuJoseph Smith naku-Oliver Cowdery ngomhlaka 3 Epreli 1836, ethempelini eliseKirtland, e-Ohio, futhi wanika kubo izikhiye zokuqoqa u-Israyeli (Mf&V 110:11).

Isambulo sezinsuku zokugcina sikhuluma okuningi ngokuphathelene noMose. Uyaphathwa kaningi eNcwadini kaMormoni, futhi eMfundisweni neziVumelwano sifunda ngobufundisi bakhe (Mf&V 84:20–26) futhi nokuthi wathola ubuphristi kumukhwe wakhe uJetiro (Mf&V 84:6).

Isambulo sezinsuku zokugcina siyayiqinisa indaba yaseBhayibhelini yobufundisi bakhe phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli futhi siyaqinisa futhi ukuthi wayengumbhali wezincwadi ezinhlanu eziqala iTestamente eliDala (1 Nefi 5:11; Mose 1:40–41).

Incwadi kaMose

Yincwadi kwiGugu leNani eliKhulu equkethe ukuhunyushwa okwashisekeliswa kukaJoseph Smith kwezahluko zokuqala eziyisikhombisa zikaGenesise.

Isahluko 1 sibhale ngombono kuwo uMose abona khona uNkulunkulu, owamembulela isu lonke lensindiso. Izahluko 2–5 ziyindaba yeNdalo kanye nokuWa komuntu. Izahluko 6–7 ziqukethe umbono ngo-Enoke kanye nobufundisi bakhe emhlabeni. Isahluko 8 siqukethe umbono ngoNowa kanye nesiKhukhula esikhulu.

Izincwadi ezinhlanu zikaMose

Izincwadi ezinhlanu zokuqala zeTestamente eliDala zaziwa ngokuthi yizincwadi zikaMose. Izingcwephe zethusi uNefi azithatha kuLabani zaziqukethe izincwadi zikaMose (1 Nefi 5:11).