Amasu Okufunda
Umbhali


Umbhali

ITestamente eliDala kanye neliSha lisebenzisa lelizwi ngezindlela ezehlukene kancane: (1) ETestamenteni eliDala, umsebenzi omkhulu wombhali kwakuwukukopisha imibhalo engcwele (Jer. 8:8). Ababhali baphathwa njalo eTestamenteni eliSha futhi kwesinye isikhathi babizwa ngokuthi yizazimthetho noma abafundisi bomthetho. Bawuthuthukisa umthetho ngemininingwane futhi babewusebenzisa ezimweni zesikhathi sabo (Math. 13:52; Marku 2:16–17; 11:17–18; Luka 11:44–53; 20:46–47).