Amasu Okufunda
AmaLamani


AmaLamani

Yiviyo labantu eNcwadini kaMormoni, abaningi babo ababewuzalo lukaLamani, indodana endala kunabo bonke kaLehi. Babebona ukuthi baboniwe nguNefi kanye nozalo lwakhe (Mosiya 10:11–17). Ngenxa yalokho, bawavukela amaNefi futhi imvama babezenqaba izimfundiso zevangeli. Kodwa, masinyane nje ngaphambi kokuzalwa kukaJesu Kristu, amaLamani alemukela ivangeli futhi aba nokulunga kakhulu kunamaNefi (Hel. 6:34–36). Sekuphele iminyaka engamakhulu amabili emuva kokuba uKristu ehambele amazwe aseMelika, amaLamani kanye namaNefi aba nokukhohlakala futhi aqala ahlaselana. Cishe ngonyaka wama 400 emuva kukaKristu, amaLamani asibhubhisa sonke isizwe samaNefi.