ImiBhalo eNgcwele
IBizo leKhasi leNcwadi kaMormoni


INcwadi kaMormoni

Indaba ebhalwe
ngeSandla sikaMormoni
ezingcwepheni
ezithathwe ezingcwepheni zikaNefi

Ngalokho-ke, kungokufingqiwe kwemibhalo yabantu bakwaNefi, futhi ngokunjalo neyamaLamani—Yabhalelwa amaLamani, ayinsali yendlu ka-Israyeli; futhi ngokunjalo nakumJuda kanye nakoweZizwe—Yabhalwa ngendlela yokuyala, futhi ngokunjalo nangomoya wokuphrofetha kanye nowokwambulelwa—Yabhalwa futhi yavalwa, yafihlwa eNkosini, ukuze ingonakaliswa—Ukuze iphume ngesipho kanye nangamandla kaNkulunkulu mhla ihunyushwa—Yavalwa ngesandla sikaMoroni, futhi yafihlwa eNkosini, ukuze iphume ngesikhathi esifanelekile ngendlela yoweZizwe—Ukuhunyushwa kwayo ngesipho sikaNkulunkulu.

Okufinyeziwe futhi okuthathwe encwadini ka-Etere, okungumbhalo wabantu bakwaJarede, ababehlakazwe ngesikhathi iNkosi iphambanisa ulimi lwabantu, ngesikhathi bakha umbhoshongo ukuze bafinyelele ezulwini—Okuzokhombisa insali yendlu ka-Israyeli ukuthi yiziphi izinto ezinkulu iNkosi eyazenzela oyise; futhi nokuthi bazazi izivumelwano zeNkosi, nokuthi abalahliwe ingunaphakade—Futhi ngokunjalo nokukholisa iJuda kanye noweZizwe ukuthi uJesu unguKristu, uNkulunkulu waphakade, ozibonakalisa kuzo zonke izizwe—Manje, uma kukhona amaphutha kungamaphutha abantu; ngalokho-ke, ungazigxeki izinto zikaNkulunkulu, ukuze utholakale ungenabala esihlalweni sokwahlulela sikaKristu.

Ukuhunyushwa kokuqala kusuka ezingcwepheni kuya esiNgisini
nguJoseph Smith, omNcane