ImiBhalo eNgcwele
INcazelo eMfishane ngeNcwadi kaMormoni


INcazelo eMfishane ngeNcwadi kaMormoni

INcwadi kaMormoni ingumbhalo ongcwele wabantu base Melika yasendulo futhi wawuqoshwe emakhasini ensimbi. Imithombo okuthathwe kuyo lombhalo yilena:

  1. IziNgcwephe zikaNefi, ezazihlukene kabili: izingcwephe ezincane kanye nezingcwephe ezinkulu. Ezokuqala zazigxile ikakhulukazi ezintweni zomoya kanye nobufundisi kanye nezimfundiso zabaphrofethi, bese kuthi ezokugcina zona zaziphathelene ikakhulukazi nomlando walabo bantu okukhulunywa ngabo (1 Nefi 9:2–4). Kodwa kusukela esikhathini sikaMosiya, izingcwephe ezinkulu nazo zazifake izinto ezibaluleke kakhulu ngokomoya.

  2. IziNgcwephe zikaMormoni, eziqukethe okufinyezwe nguMormoni kusuka ezingcwepheni ezinkulu zikaNefi, kanye neziningi izincazelo. Lezi zingcwephe futhi ziqukethe ukuqhubeka komlando okwenziwa nguMormoni kanye nezengezo ezenziwa yindodana yakhe uMoroni.

  3. IziNgcwephe zika-Etere, ezinikeza umlando wamaJarede. Lombhalo wafinyezwa nguMoroni, owafaka izincazelo zakhe futhi wawuhlanganisa umbhalo kanye nomlando wonke phansi kwesihloko esithi “INcwadi ka-Etere.”

  4. IziNgcwephe zeThusi ezalethwa ngabantu bakaLehi besuka eJerusalema ngonyaka wama 600 ngaphambi kokuzalwa kukaKristu. Lezi zaziqukethe “izincwadi ezinhlanu zikaMose, … futhi ngokunjalo nombhalo wamaJuda kusukela ekuqaleni, … kwehla njalo kuya ekuqaleni kokubusa kukaSedekiya, inkosi yakwaJuda; futhi ngokunjalo neziphrofetho zabaphrofethi abangcwele” (1 Nefi 5:11–13). Okuningi okucashunwe kuzo lezi zingcwephe, okuphathelene no-Isaya kanye nabaphrofethi bebhayibheli nokungesibo bebhayibheli, kuyavela eNcwadini kaMormoni.

INcwadi kaMormoni iqukethe izingxenye noma izigaba ezimqoka eziyishumi nanhlanu, ezaziwa njengezincwadi, ngaphandle kweyodwa, imvamisa ezibizwa ngomqambi wazo omkhulu. Ingxenye yokuqala (izincwadi zokuqala eziyisithupha, ezigcina ngo-Omini) ingukuhunyushwa okusuka ezingcwepheni ezincane zikaNefi. Phakathi kwencwadi ka-Omini kanye nekaMosiya kunokufakiweyo okubizwa ngokuthi AmaZwi kaMormoni. Lokhu okufakiweyo kuhlanganisa umbhalo oqoshwe ezingcwepheni ezincane kanye nokufinyezwe nguMormoni kwezingcwephe ezinkulu.

Ingxenye ende kakhulu, kusukela kuMosiya kuya kuMormoni isahluko 7, kuwukuhunyushwa kokufinyeziwe kukaMormoni kwezingcwephe ezinkulu zikaNefi. Ingxenye eyisiphetho, kusuka kuMormoni isahluko 8 kuya ekugcineni komqingo, yaqoshwa yindodana kaMormoni uMoroni, okwathi emuva kokuqeda umbhalo wempilo kayise, wenza okufinyeziwe ngombhalo wamaJarede (njengencwadi ka-Etere) futhi okwathi kamuva wengeza izignxenye ezaziwa ngokuthi yincwadi kaMoroni.

Ngonyaka noma cishe ngonyaka wama 421 ngemuva kokuzalwa kukaKristu, uMoroni, ongumphrofethi ongumlandi wokugcina kumaNefi, wawuvala umbhalo ongcwele futhi wawufihlela eNkosini, ukuze ukhishwe ezinsukwini zokugcina, njengoba kwakubikezelwe ngezwi likaNkulunkulu ngabaphrofethi Bakhe basendulo. Ngonyaka ka 1823 ngemuva kokuzalwa kukaKristu, yena kanye lo Moroni, ngaleso sikhathi owayesengumuntu ovukileyo, wavakashela umPhrofethi uJoseph Smith futhi kamuva waziletha izingcwephe eziqoshiwe kuye.

Mayelana nalencwadi: Ibizo lekhasi lokuqala, eliza nje ngaphambi kwekhasi elinokuphakathi, lithathwe ezingcwepheni futhi liyingxenye yombhalo ongcwele. Izandulela ezingabhaliwe ngamagama atshekileyo, njengaku Nefi wokuQala kanye nangaphambi nje kwesahluko 9 sikaMosiya, nazo ziyingxenye yombhalo ongcwele. Lezo zandulela ezibhalwe ngamagama atshekileyo, njengalezo eziseku qaleni kwezahluko, azithathiwe embhalweni wokuqala kodwa ziyizi nsiza ezenzelwe ukuthi umuntu afunde kalula.

Kunamaphutha amancane emagameni abhaliweyo abelokhu ekhona njalo ekucindezeleni okwedlule kweNcwadi kaMormoni ekhishwe ngesiNgisi. Lokhu kucindezela kuqukethe ukulungisa okubonakala kufanele ukwenza okubhaliweyo kuvumelane nemibhalo eyayilotshwe ngesandla eyayingakakhishwa njengencwadi kanye nokucindezela kokuqala okwahlelwa ngumPhrofethi uJoseph Smith.